Udlelwe umuzi umgadli weChiefs - Umbiko

2015-10-18 13:35

Johannesburg - Umuzi womgadli weKaizer Chiefs, u-Edward Manqele, uzodayiswa esidlangalaleni maduzane ngokusho kwemibiko.

INkantolo eNkulu yaseSouth Gauteng iyalele ukuba udliwe umuzi walesi sihlabani bese uyadayiswa.

UJaji Fayeeza Kathree-Setiloane wayalela ukuba uManqele akhokhe imali engu-R534 063 uma efuna umuzi wakhe ungadliwa.

Funda nalolu daba: Usezobonakala ku-etv owodumo

Lo myalelo ukhishwe ngemuva kokuba ibhange lifake isicelo sokuthola imali yalo.

Inkantolo yaphinde yayalela uManqele ukuba akhokhele ibhange yonke imali ayikweleta yona – kanjalo nenzalo yakhona.

Ibhange lakwa-Absa lafaka lesi sihlabani enkantolo ngemuva kokwehluleka ukukhokha imali elamboleka yona ukuze athenge umuzi.

Ngokwamaphepha afakwa enkantolo, uManqele waqala ukungakhokhi kusukela ngonyaka odlule.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- Sunday Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Strong thunderstorms. High level clouds. Warm.
Jhb: 15-26°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-23°C Showers late. More clouds than sun. Mild. PE: 15-21°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...