Uchaze abaningi uJuju ohlelweni lomsakazo

2011-03-31 10:50

Johannesburg - UJulius Malema ubashiye bengayivali imilomo abalaleli beMetro FM izolo ngesikhathi eshayela uhlelo lwantambama nomethuli wezinhlelo kuLive, uMinnie Dlamini, kubika iSowetan.

Laba bobabili basebenze kahle ndawonye njengoba bekungathi sebeneminyaka besebenza emdakazweni.

Amahora amathathu wonke, abalaleli bebengazisusi izindlebe kulolu hlelo.

UMalema ubehlelwe ukuthi uzoshayela lolu hlelo no-Uyanda Mbuli, kodwa ke wathi ngeke asaphumelela ngenxa yokuthi kukhona amatasa ngakho emsebenzini.

Phakathi kwabanye abaxoxisane nabo kubalwa uNgqongqoshe wezeidlalo uFikile Mbalula, nokhulume ngendaba engundabuzekwayo yokushisnthwa kwegama leqembu lebhola lezinyawo lesizwe, iBafana Bafana.
 
Abantu baluthokozele kakhulu lolu hlelo njengoba bekufakazeleka ezinkundleni zokuxhumana ezifana noFacebook noTwitter.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-18°C Sunny. Mild. Pta: 11-24°C Rain late. Partly cloudy. Mild.
Jhb: 7-20°C Showery. More sun than clouds. Mild. Bloem: 0-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 8-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...