Ubuye ngezinkani uZola

2011-09-23 10:51
Bonginkosi Dlamini

Bonginkosi Dlamini

Johannesburg - Njengenhlalayenza, kuyaphithizela emzini kaZola kunephathi, kugcwele izimoto eziphambili ezipake ngaphandle endaweni ethulile, eMelville, eGoli.

Inkampani eqopha uhlelo lwakhe olusha, oluthi Rolling with Zola, ingimemaeukuba ngingene e-lounge yakulo muzi.

Izibani, amakhamera, bese kuthiwe, 'action...' bese eyaqala ukuqopha amakhamera, futhi uZola, ogama lakhe langempela nguBonginkosi Dlamini, ungena e-lounge ethokomele.

Ufake isikibha esiluhlaza nejini nezicathulo, yebo, nekepisi ukuphelelisa ukubukeka kwakhe.

UZola uqopha isigcawu sesithathu sohlelo lwakhe, oluzovezwa kancane ku-etv ngomhla ka-25 kuSepthemba ngo-18:30.

Uyaqaphela ukuthi yimi engizoxoxa naye futhi ubuso bakhe buyabuna... futhi akafihli.

"Kukanjani ethumele wena?" ebuza, ebhekisela esinqumweni somhleli sokuthumela mina ukuzoxoxa naye. "Uyazi ukuthi wena ukwazi ukungithonya kalula futhi ungangenza ngisho noma yini," ehleka.

"Kodwa hhayi namuhla," ecacisa. Esikhathini esingaphambilini uZola ubengazenzi izingxoxo kodwa namuhla, ngemva kwesikhathi eside, uvumile ukwamukela i- DRUM kwakhe.

Le ndaba ungayithola yonke kwi-Drum.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Drum

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kugcine kumlungelile u’Ngamla’

Emizuzwini eyi-27 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 17-32°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-24°C Morning clouds. Mild. PE: 16-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...