Ubumnandi buzobuzwa eTshwane

2012-11-29 12:01

Tshwane - Kusukela mhla lulunye kuDisemba kuya kumhlaka-15, ubumnandi buzobe bubuzwa eTshwane njengoba kuzobe kuqhubeka iMzansi Fela Festival, la kuzobe kusina kudedelana khona amaciko amaningi, eState Theatre, ePitoli.

Imicimbi ihlelelwe ukubungaza ubuciko baseNingizimu Afrika, iMzansi Fela Festival (MFF), izobanjwa okwesikhombisa kulo nyaka.

Abadidyeli bathi lo nyaka uzoba ngohluke kakhuklu njengoba ubumnandi buzobe budlulele kunangaphambilini, kuhlanganiswe abaculi, abahayi bezinkondlo kanjalo nemidlalo yasesiteji.

Kubaculi abazobe bekhona kubawa uZahara wodumo lukaLoliwe, amaParlotones, uS'bongile Khumalo, umzwilili uLira nabanye abaningi.

Njengoba umhlaka-1 Disemba kuwusuku iWorld AIDS Day, i-MFF izoqala usuku ngokuba nemashi ezoqala ngo-10:00 isuka e-Union Buildings iye iyophelela eState Theatre.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Mostly sunny. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-20°C Sunny. Mild. Bloem: 5-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-19°C Showery. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...