Ubumnandi buyakhokhelwa - Umasipala

2013-01-08 15:01

Johannesburg - Abahleli bephathi eyabe iseNorthcliff, eGoli, bangase bakhokhe ngaphezulu kuka-R60 000 wezindleko zokuklina kanye nokulimala kwempahla, okwenzeka ziwa kuqhubeka ubumnandi, kusho abe-Eyewitness News.

Indumezulu yephathi yangosuku olwandulela unyaka omusha, iBig Mama's House 4: Wet n Wild, yacasula izakhamizi eziningi ngesikhathi kutheleka izinkulungwane zabathandi bobumnandi behambele iphathi kule ndawo.

Abayihambela babekhokha imali yokungena esukela ku- R100, kuya ku-R300.

Okhulumela iCity Parks, uJenny Moodley, uthe basazama ukuthola labo abathintekayo ekuhleleni lendumezulu.

"ICity Parks izosebenzisana namaphoyisa kaMasipala waseGoli kanye naweSAPS ukuthola abathintekayo. Bazokhokha imali ngokusebenzisa le ndawo baphinde bakhokhele izindleko zokuhlanza."

Izikhulu ngoLwesibili, bezidingida ngokumele kwenziwe mayelana nephathi.

“Sithemba ukuthi lizothi lishona sizobe sesinakho okubambekayo maqondana nemali ezokhokhwa kanye nezinyathelo ezizothathwa.





 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).




- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Bashaye amaculo agxibha uKelly Khumalo

Emizuzwini eyi-2 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C High level clouds. Mild. Pta: 17-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-18°C Rain showers. Broken clouds. Mild.
Dbn: 17-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-19°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...