Ubhekwe ngabomvu uJill Scott ku-CTIJF

2013-01-30 12:03

Cape Town –  Umculi oseke wahlabana nezindondo zamaGrammy nophinde alingise abhale namaculo, uJill Scott kulindeleke ukuthi anandise koweCape Town International Jazz Festival, kusho abagqugquzeli balo mcimbi i-espAfrika.

UScott, nowahoxa kulo mcimbi ngonyaka odlule ngenxa yokuthi wayeqopha ifilimu, uzobe enandisa eKippies Main Stage.

Lo mcimbi uzobe useCape Town International Convention Centre (CTICC) ngomhlaka-4 no-5 e-Ephreli.

Kuzobe kungunyaka ka-14 lo mcimbi oheha abathandi be-jazz umhlaba wonke wenzeka.

Kuzobe kunabaculi ababalelwa ku-40 abaphuma emazweni angu-12 ahlukene.

Abanye abazobe beshiyelana inkundla kulo mcimbi kubalwa iBrand New Heavies (UK), Chano Domínguez (Spain), Gregory Porter (Melika), Jack DeJohnette Trio behambisana noRavi Coltrane noMatt Garrison (Melika), Robert Glasper Experiment (Melika), abesifazane bakuleli babandakanya uThandiswa Mazwai, Auriol Hays, Claire Phillips noPu2ma.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 14-22°C Morning clouds. Cool. PE: 16-20°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...