Ubelokhu ebadlisele ogageni uKhaya

2012-10-10 12:02
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Isilomo esanqoba umncintiswano wama-Idols, uKhaya Mthethwa, wadonsa intambo ende kalayini ngesikhathi enqoba lo mncintiswano ehlula imbangi yakhe enkulu uMellisa Allison, kubika iSowetan.

Izibalo zithi kufana nokuthi uKhaya wathola okuyishiyagalombili kokuyishumi.

UKhaya ube ngowokuqala omnyama ukuthi adle umhlanganiso kuma-Idols.

Abanikazi bomncwintiswano, abakwa- M-Net nabakwaMzansi Magic, bathi uKhaya wthola amavoti angu-80% kwangu-3 million abalwa.

UMellisa Allison wathola u-20% kuphela.

Isikhulu esiphezulu kwezokuxhumana kwa-M-Net, uLani Lombard uthe uKhaya ubelokhu ehamba phambili ngamavoti, amasonto ayishumu elandelana.

Kuthiwa kwacaca zibekwa ukuthi uKhaya akancintisani namuntu kangako, yize kukhona isikhathi la khona ake walandelana eduze noTshidi, owabe enamavoti aku-25%, ngesikhathi uKhaya yena eku-33%.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-25°C High level clouds. Mild. Pta: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 11-25°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 19-26°C Early fog followed by sunny skies. Mild. PE: 15-23°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...