Ubasanganise amakhanda uBoity!

2014-02-18 10:01

Johannesburg – Umlingisi wakuleli uBoitumelo ‘Boity’ Thulo, ushiye amadoda econsa amathe kwathi abesifazane bavukwa umona ngesikhathi kuputshuka izithombe zakhe eshaya ngesudi yesele.

Izithombe zithwetshulwe ngabephephandaba iMarie Claire’s 2014 Naked issue kuqhutshwa umkhankaso wokubhekelela inhlangano esiza izingane.

Sibuze abafundi bethu ukuthi bona bangashutha yini benqunu, ngoba benzela ukusiza abanye abantu.

Babodwa abathi bona bangashutha abanye bathi angeke baze bakhumule izingubo zabo bakhombise umhlaba ubunqunu babo, ngisho ngabe sithini isizathu.

Nazi ezinye izimpendulo:

USithembiso Gumede uthe: Ave ngimthanda, ngifisa sengathi ngingabona ezinye izithombe zakhe.

USbonelo Mpongo KaZingelwayo Ndlovu uthe: Abanye bamdlela umona lo mapakisha, futhi laba abanomona yilaba ababulawa yizishwapha!

UHazel Tee uthe: Anginawo nomncane umona, nami nginomzimba omuhle.....yena bandla unesibindi ngoba ukwazi ukukhulumela umhlaba!

UThipe Mphuthi uthe: Mmmmmh, yummy!

Bheka Izindaba News24, ubone ukuthi abanye batheni.

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Channel24

Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...