UZola usinde ngokulambisa

2011-09-05 12:08

Johannesburg - Uphunyuke ngembobo yenaliti ukungena ejele umculi weKwaito uBonginkosi "Zola" Dlamini, kubika iSunday World.

UZola, onezingane ezimbili noGaneth Maseko, ucishe waboshwa uphiko oluvikela izingane ngoLwesibili ngenxa yokusolwa ngokuthumba ingane yabo yokuqala.

kodwa akaboshwanga kulandela ukuthi ekhulume noMaseko ukuba asule icala.

Umthobo othembekile uthe uZola owathembisa ngokunakekela izingane, uthathe indodakazi yabo kumama kaMaseko eBraamfischerville ukuyochitha impelasonto nayo.

Lokhu kwenzeke ngesikhathi uMaseko ebeke izingane zakhe kumama wakhe ngenxa yokuhluleka ukuzondla.

Ngesikhathi uZola engaziphenduli izincingo nemiyalezo uma ethintwa nguMasekho ngoMsombuluko nangoLwesibili, uMaseko wavulela uZola icala lokuthumba esiteshini samaphoyisa eDobsonville.

"Ngesikhathi siya lapho ehlala khona asimtholanga uZola kodwa ingane siyificile sayithatha sayinika uMaseko.

"Ngokuhamba kwesikhathi uMaseko wasitshela ukuthi akasafuni uZola aboshwe ngakho awesulwe amacala abhekene nawo," kusho uKay Makhubela.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 17-32°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-24°C Morning clouds. Mild. PE: 16-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...