UTyler Perry usolwa ngokweba umbono

2012-11-28 12:03

New York - Umbhali waseMelika umangalela umenzi wamafilimu uTyler Perry enkantolo, umsola ngokwenza ifilimu eyisusela encwadini yakhe.

UTerri Donald, ophinde abe ngumbhali ngaphansi kwe-TLO Red'ness, uthi uPerry wenze ifilimu yakhe eyisusela encwadini yakhe yango-2007, ethi Bad Apples Can Be Good Fruit.

Abameli bafake amaphepha ePhiladelphia, athi uDonald wanikeza inkampani kaPerry ikhophi yencwadi ngaphambi kokuba kuqaliswe ukwenza ifilimu.

UDonald ufuna u-$225 000 ngamademeshe nokuthi kuvele efilimini ukuthi ingencwadi yakhe.

Abameli baphinde bacela ukubona namabhuku akhombisa ngemali eyenziwe ngale filimu.

Le filimu, ekhombisa uPerry engusomabhizinisi ocebile ohlangana nomama othwele kanzima, yenza cishe u-$35 ngoFebhuwari ngesikhathi iqala ukuboniswa.

Abamele uPerry neLions Gate Entertainment, okuyinkampani eyethula ifilimu abaphawulanga ngalokhu.

UPerry waziwa kakhulu ngokulingisa uMadea emafilimini amaningi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-21°C Sunny. Mild. Pta: 1-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 1-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...