UTshatha uphawule ngomshado wakhe
2013-02-18 14:03
Durban - Umsakazi odumile woKhozi FM uKhathide “Tshatha” Ngobe usephawule okokuqala ngezinkinga ezigubezele umshado wakhe.
Izolo lo msakazi utshele Isolezwe ukuthi
kumphatha kabi ukufunda izindaba zomshado wakhe emaphephandabeni. Uthe
unabo ubufakazi bokuthi umkakhe ubemgangela waze wakhulelwa.
Udaba loqhekeko emshadweni kaTshatha luqale ukuphuma ngeSonto eledlule kwiSolezwe ngeSonto kanti izolo kuvele ukuthi unkosikazi usolwa ngokuba neshende eligcine limkhulelisile wakhipha isisu.
UTshatha izolo uthe unobufakazi bokuthi umkakhe wasikhipha isisu.
UNkk Nontobeko Ngobe, uMaKhuzwayo,
uthe njengoba uTshatha ethi unobufakazi bokuthi wakhipha isisu futhi
uneshende ngeke aphawule lutho kodwa makabukhiphe lobo bufakazi. Uqede
lapho wavalelisa ocingweni. Ngesikhathi evakashelwe yiphephandaba kubo
eLindelani, uTshatha ukuphikile ukuthi usehlala efulethini nentombi esho
ukuthi usebuyele kubo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24