USpikiri unikele ngomfaniswano kubafundi

2013-01-29 10:02

Johannesburg - Omunye wezingqalabutho zomculo wekwaito uMandla Mofokeng, owaziwa ngelika"Spikiri", ulule isandla wanikela ngemifaniswano engu-30 kubafundi baseMeadowlands High School.

Esenzweni sokubuyisela emphakathini, uSpikiri utshele iSowetan wathi: "Ngiyazi ukuthi kulukhuni kanjani ukuya esikoleni nomfaniswano ongaphelele. Isifiso sami ukusiza labo abaphuma emindenini edonsa kanzima."

Ekhula eswele kuyona le ndawo, uSpikiri uthi uyabazi ubunzima bokungakutholi okudingayo.

"Ngikhulele emndenini odla imbuya ngothi babengakwazi ngisho ukungikhokhela esikoleni. Ngaphuma ka-Grade 10 esikoleni ukuzama impilo, nokuyilapho ngathola ithuba lokusebenzisana noChicco Twala," esho.

USpikiri waduma kakhulu kuTrompies, kanti ungomunye wabanikazi beKalawa Jazzmee.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Wenza okuhle uMiley Cyrus

2014-10-30 11:30
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 16-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-28°C Showers late. a mixture of sun and clouds. Warm. PE: 16-21°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...