UShabba ukhala ngozenza yena kuTwitter

2013-01-07 11:01

Johannesburg - Isihlabani seKaizer Chiefs neBafana Bafana uSiphiwe "Shabba" Tshabalala akathokozile neze emoyeni njengoba esethole ukuthi kunothile oqamba amanga ozibiza ngaye emthombeni wezokuxhumana iTwitter.

I-account yeTwitter ethi Tshabalala_8, selokhu yaqala ukusebenza ngo-Okthoba 2011 kanti inabalandeli abangaphezulu kuka-3500, le-account enesithombe sikaTshabalala igcine ukubhalwa okuthile kuyona ngoLwesine.

Okwabhalwa kufundeka kanje: "Angazi kwenzakaleni ngeledlule ngiseDenmark, engikwaziyo ukuthi ngibuyela ekhaya kusasa.”

UTshabalala, osekhempini yeqembu lesizwe, ucela abantu baseNingizimu Afrika ukuba bamzibe lo ozenza yena.

"Ngifuna ukucacisela abantu ukuthi angikaze ngibenayo iTwitter futhi angazi nokuthi isebenza kanjani nokuthi ibukeka kanjani."




 

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 4-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-24°C Sunny. Mild. PE: 10-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...