USgwebo uzowubeka kwelinye izinga umaskandi

2011-03-18 13:16

Johannesburg - Umculi, uVela Khoza, owaziwa kakhulu ngoSgwebo Sentambo, uzothatha umculo kamasikandi awubeke kwelinye izinga, kubike iSowetan.

USgwebo, usekhiphe i-albhamu yesibile esihloko sithi: Inkunzi Ekhonyala. Kule albhamu yakhe entsha lo mculi osemncane ufuna ukwazi ukuthi ubani ingqwele kulolu hlobo lomculo.

Ukubuza umbuzo onje kumasikandi, nokunguhlobo lomculo eligcwele izindaba, kutshenngisa isibindi kulo mculi ongowukuzalwa eMpangeni.

Uthe ubone kubalulekile ukuthi abuze lo mbuzo ngoba wonke umuntu uzibeka njengengqwele kulo mkhakha.

"Engomeni esthi isilima, ngizwakalisa intukuthelo yami ngabantu abathatha abanye noma ikanjani," kusho lo mculi onamahloni.

Uthi ekhula ubelala abaculi abafana noHhashi Elimhlophe noSipho Khoza, owaziwa kakhulu ngelikaThwalufu Namankentshana.

USgwebo ke akazange asiqede isikole ngenxa yokujaha umculo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 6-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...