USABC uxoshe uBonang

2012-11-07 14:04

Johannesburg - Zibukeka zingamhambeli kahle izinto unontandakubukwa onguBonang Matheba, njengoba esexoshwe yisikhondlakhondla senkampani yakwaSABC.

Izindaba zeDrum zithi uBonang uxoshwa nje, bekulindelwe ngabomvu ukuthi ezinsukwini ezimbili ezizayo, kuqale uhlelo lwakhe olusha, obeluzosakazwa kuSABC 1, iThe Link.

Umthombo ongapphakathi uthi uBonang uxoshwe ngoba nakhu esezosakaza uhlelo lwamakwaya kuMzansi Magic, okuyisiteshi esincintisana noSABC.

Kuthiwa uQueen B, okuyigama aziwa kakhulu ngalo, akabazisanga abaphathi bakhe ngezinhlelo zakuMzansi Magic, iClash of the Choirs.

“UBonang angeke esasebenza kwaSABC1. Kungekudala sizokwazisa ukuthi ngubani ozovala isikhala sakhe,” kusho isikhulu kwezokuxhumana kwaSABC 1, uVukile Madlala.

Umthombo uthi uBonang zikhona izinhlelo akade eseziqophile, izinhlelo lezi zihlanganisa inkulumo aba nayo nomculi waseMelika uCiara, nokho kuthiwa nageke akhokhelwe ngazo ngoba angeke inkampani isazisebenzisa.



  - Thola lolu daba luphelele kuDrum

  - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

  - Landela IzindabaNews24 kuTwitter





- Drum

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Mild. PE: 15-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...