URingo unikezwe umnqamulajuqu ngesikweletu sentela

2014-11-14 18:37

Johannesburg – Unikezwe umnqamulajuqu kaJanuwari ukuba akhokhe sonke isikweleti sakhe sentela umculo wodumo kuleli uRingo Madlingozi, ngokusho kwabakwaSouth African Revenue Services ngoLwesihlanu.

UMadlingozi walahlwa ngamacala angu-28 ahambisana nokukhwabanisa intela yiNkantolo yesiFunda yaseGoli ngenyanga eyedlule, ngokusho kweSekela lomkhulumeli kwakwaSars uMarika Muller.

OLUNYE UDABA: Lihlehlisiwe icala likaRingo

Kubikwa ukuthi u-R4 000 wecala ngalinye walengiswa ngenhloso yokuthi akalenzi icala elifanayo kule minyaka emihlanu ezayo, kusho uMuller kwisitatimende.

Ngokombiko kuthiwa uMadlingozi wodumo lwezingoma zothando wahluleka ukukhokha imali ye-Pay As You Earn yezisebenzi ebezisebenza ngaphansi kwakhe nakuba ebeyincozula emholweni yazo kusukela ngo-1999. 

USars kubikwa ukuthi wamfaka enkantolo lo mculo ngoNovemba wonyaka odlule ngemuva kokuthola ukuthi wenza lobu bugebengu.  


    - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

   - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...