URihanna uzisondeza kumama kaChris

2012-11-01 12:31

Los Angeles - Kubonakale uRihanna edla esidlo sakusihlwa nomama kaChris Brown, uJoyce Hawkins, eLos Angeles ngoLwesihlanu ebusuku.

Lo mculi osebuyelene noChris Brown nakuba kusanencwadi evimbela ukuba bahlangane kulandela ukumshaya ngo-2009 - ubonakale behleli nomama kaChris, uJoyce Hawkins.

Umthombo utshele iHollywoodLife.com ukuthi: "Sebeyazwana noJoyce kanti muva nje babe nesidlo sakusihlwa ndawonye. Bakhulume ngempilo futhi okubalulekile iyona impilo babuye bakhuluma nangoChris. Ngeke ngakwazi ukudalula okuyikhona ngempela abebekhuluma ngakho kodwa engikwaziyo ukuthi uJoyce uyamthanda uRihanna."

URihanna - okumanje uqopha i-albhamu yakhe entsha ethi Unapologetic eLos Angeles - ukuthokozele ukumenywa uJoyce ukuzodla naye isidlo sakusihlwa njengoba embona njengomgani omkhulu.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- BangShowBiz

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 16-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...