URihanna unikele ngo-$1.75m esibhedlela

2012-12-24 10:29

New York - Umculi ongaconsi phansi kwabaningi uRihanna unikele ngo-$1.75 million esibhedlela eBarbados ngesikhathi ekhumbula ugogo wakhe ongasekho emhlabeni, uDolly.

Lo mculi waphatheka kabi kakhulu ngesikhathi ugogo wakhe uClara 'Dolly' Braithwaite ehlaselwa yisifo somdlavuza ngoJuni 2012 wabe eseya esibhedlela iQueen Elizabeth Hospital eBridgetown.

Ingxenye yesibhedlela iqanjwe ngokuthi yiClara Braithwaite Centre for Oncology and Nuclear Medicine.

Utshele i-E! News: ''Lena bekuyindlela yami yokubuyisela okuhle eBarbados, ngokuthi nginikele, ngisize i-QEH ekuqhubekeni nohlelo lwayo lokulungisa … ngikholelwa ukuthi lokhu kuzokwenza umehluko ebantwini baseBarbados. Futhi ngikwenzela ukusiza izimpilo zabantu noma ukwelula isikhathi sempilo yabo.''

URihanna uchitha isikhathi sikaKhisimusi nomndeni wakhe eBarbados.

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- BangShowBiz

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 14-25°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 14-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...