URihanna ufuna ukushada noChris Brown

2012-10-11 14:04

Los Angeles - Umculi weR&B uRihanna, 24, usephumele obala ngokuthi angathanda ukubopha elikasofasilahlane nalowo ayethandana naye uChris Brown.

Lo mzwilili oshisa izikhotha ngengoma yakhe ethi Diamonds, uthe wathathela izinto phezulu ngesikhathi ala uBrown ngemuva kokumshaya ngo-2009, njengoba manje sebengamathe nolimi futhi.

Ngokomthombo osendelene nalesi sihlabani uthe: "Akekho ongamangala uma bengase babaleke bayoshadela endaweni eyaziwa yibo bobabili.

"Uthi wayengeke amshiye ukube abezindaba abazange bangene bathi shi endabeni yokushaywa kwakhe. Sebethandana ngenye indlela manje, njalo uma bephuzile abakhohlwa ukuthi bazoshada ngelinye ilanga."

Lokhu kulandela ukuthi uChris enikeze lowo obeyintombi yakhe uKarrueche Tran imali eshisiwe kulandela ukuhlukana kwabo ngesonto eledlule.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- BangShowBiz

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-15°C Sunny. Cool. Bloem: 2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-22°C Mostly sunny. Mild. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...