URandall uthembisa izimanga kowama-Sama
2012-04-18 12:36
Johannesburg - Kulandela ukuqokwa kwakhe njengesikhulu seSouth African Music Awards (Sama), uRandall Abrahams ungene emkhakheni okungelula kuwo, kubika iSowetan.
Uthe efika nje u-Abrahams washayisana namaciko akuleli namgxeka ngokwenza ushintsho kulo mcimbi waminyaka yonke wokuhlonipha abaculi bakuleli.
Abathandi nabaculi be-kwaito bavuka umbhejazane ngesikhathi bezwa ukuthi u-Abrahams uhlela ukuluhlanganisa nezinye izinhlobo zomculo kulo mcimbi.
Ukukhala kwabo kwezwakala njengoba i-kwaito yaphinde yathola indawo yayo.
Kukho konke lokhu, u-Abrahams uthembisa ngokwethula umcimbi uzoshiya abantu befuna impinda.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24