UR Kelly uhlinzwe amathansela

2011-07-21 09:52

Chicago - Umculi we-R&B oseke wahlabana nendondo yeGrammy uR Kelly kudingeke ukuthi ahlizwe umphimbo ngokushesha nokuchaza ukuthi uzoke athethe ikhefu ekunandiseni.

UKelly, 44, nogama lakhe langempela kunguRobert Kelly, ubesezinhlungwini nokudingeke ukuthi aphuthunyiswe esibhedlela esiseChicago ngoLwesibili nalapho kudingeke khona ukuthi akhishwe uketshezi emathanseleni akhe, kusho lowo omkhulumelayo u-Allan Mayer.

UKelly usanda kuqeda umzuliswano wokuqala wohambo lwakhe ejikeleza umhlaba olubizwa ngeLove Letter , kodwa akucaci kahle ukuthi uzophinde aqale nini futhi ukunandisa, kusho lesi sitatimende.

UKelly, nowaduma ngamacwecwe afana noYou Remind Me of Something ne-I Believe I Can Fly, waqala ukuduma ngeminyaka yawo-1990.


- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Mostly sunny. Cool. Pta: 18-29°C Sunny. Warm.
Jhb: 16-26°C Mostly sunny. Warm. Bloem: 12-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 16-22°C Passing showers. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...