UProfessor 'wanyamalala' no-R30 000

2011-04-07 12:12

Durban - Umculi wekwaikto osethole izindondo, uProfessor, usemanzini abilayo ngokungaphumeleli ukuyonandisa emcimbini wokugubha usuku lokuzalwa wenjinga yaseThekwini, uShawn Mpisane, kubika iphephandaba iSowetan.

Lo mcimbi owawusehhotela iFairmont Hotel & Resort, eZimbali, waheha osaziwayo abafana noKhanyi Mbau, Kenny Kunene, Penny Lebyane, umshana kaMengameli Jacob Zuma, uKhulubuse Zuma, unkosikazi kaNdunankulu waKwaZulu-Natal uZweli Mkhize, uMay nosomabhizinisi uVivian Reddy.

Kwabanye ababenandisa kulo mcimbi kubalwa iqembu eselike lahlabana nendondo yamaGrammy Award, iLadysmith Black Mambazo, uRay Phiri noThandiswa Mazwai.

Umthombo utshele iphephandaba iSowetan ukuthi uProfessor, owayekhokhelwe uR30 000 ukuthi anandise noJudith Siphuma neJaziel Brothers kulo mcimbi, watshela uSophie Ndaba wodumo lweGenerations, nokunguyena owayehlela lo mcimbi, ukuthi ucela ukunandisa kuqala kunabanye ngoba uphuthuma eKapa.

Kodwa uNdaba wamnqabela, uProfessor washiya kanjalo walibangisa eKapa.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Rain showers. Decreasing cloudiness. Cool. Pta: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C High level clouds. Mild. Bloem: 4-19°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 18-22°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild. PE: 11-20°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...