UPalacios enkingeni yesondlo

2012-12-10 12:04

Johannesburg - Sekuvele amahlazo athi owabe engumqeqeshi weBafana Bafana ne-Orlando Pirates, u-Augusto Palacios wakhulelisa owesifazane asebenza naye ngaphakathi eqenjini iPirates.

UPalacios oganelwe, ungumqondisi kuPirates Development Academy, kuthiwa wakhulelisa owesifazane, ogama lakhe ligodliwe ngabeSunday World.

Kuthiwa phambilini uPalacios ubezikhokha zonke izindleko zendodana yakhe kodwa wama kusukela ngenyanga eyedlule.

UPalacios uqale waphika ukuthi waba nobudlelwano nalona wesifazane, kodwa kuthe uma ephekwa ngemibuzo waphuhluka ethi: "Ngesonto eledlule ngimnike u-R3 000. Imali ngiyifake ebhange."

"Angisoze ngaphika ingane engiyizalayo. Lokhu kwaba yiphutha."

Isihlobo zikamama wengane sikhulume nephephandaba sithi lona wesifazane uthwele kanzima.

"Uhlala eTembisa. Uyahluleka ukunakekela ingane eyedwa," kusho isihlobo.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Morning clouds. Mild. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: -1-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-23°C Partly cloudy. Mild. PE: 14-17°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...