UNonhle uzitholele unodoli omusha

2011-09-02 12:44

Cape Town - Lowo owangumethuli wezinhlelo ku-vuzu.tv uNonhle Thema usekhwele wadilika kolowo ongumethuli wezinhlelo zethelevishini uMinnie Dlamini enkundleni yezokuxhumana uTwitter.

UThema uvukele uDlamini wathi uyisidakwa futhi "ungumethuli wezinhlelo nje qha".

UDlamini wawina umncintiswano lapho kwakufunwa khona ubuso obusha beLive! edlala kuSABC1 ngonyaka odlule.

IJustCurious.co.za ibike ukuthi uDlamini wathi washywa endaweni yobumnandi eseGoli iHush.
 
Ngezithuba zawo-08:00 ngoLwesihlanu uThema ubhale lokhu okulandelayo kuTwitter: "lay off the BOOZE @minnie STOP it youre a DRUNK dont blame it on Hush club.i go there all the time neva had i had a BEAT DOWN u were DRUNK (sic)"

Echaza ukuthi uDlamini uyisidakwa, akathi ukwehlisa kancane ngasemankwebevini, wathi yena uya sonke isikhathi eHush kodwa akaze ashaywe.

Kanti-ke uThema akawuqali lo mkhuba wakhe njengoba eseke wabandakanyeka empini yamazwi noDineo Ranaka kamuva nje.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Asimdeli u'Mgqumeni'

2014-10-24 17:33
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-30°C Tstorms late. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C Showers late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 14-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-23°C Showers late. Mostly cloudy. Mild. PE: 15-19°C Showers early. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...