UMugabe uhalalisele uWendall
2011-08-05 16:30
Harare - UMengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe ngoLwesine unikeze uWendall Parson okungomunye wabawina u-$50 000 kwi-Big Brother Africa kulo nyaka, uhlonishwe ngesidlo sasemini lapho ahlala khona.
UMugabe uphinde wanikeza uVimbai Mutinhiri u-$10 000, naye obeyingxenye yalolu hlelo.
Kanti uphinde wanikeza uStephen Muzhingi u-$50 000 njengoba aphumelela kuComrade ultra-marathon okwesithathu eNingizimu Afrika.
"Angizazi izinto ezenzeka kuleya ndlu,” kusho uMugabe, ebhekise kulolu hlelo.
"Lezi zinsuku ezingu-91 zibekelwe ukukuvivinya ukukhalipha kwakho, amandla onawo emzimbeni nangokwennqondo."
UParson, 23, uyena owine omklomelo ophezulu ka-$200 000 kwiBig Brother Amplified ngo- Julayi 31 benoKaren Igho waseNigeria.
Ngonyaka odlule uMugabe wanika uMunyaradzi Chidzonga u-$300 000 njengomthoba nhliziyo , kulandela ukuthi abalandeli bakhe basezweni lakubo bethi ukhishwe ngendlela engabanikanga ukuthula.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter.
- Sapa - AFP