UMshoza uthi ngeke avume 'ukuguga ebhekile'

2014-12-12 11:31

Johannesburg - Umculi owaba ngowokuqala wesifazane ukucula i-kwaito, uNomasonto Mshoza Maswanganyi, usekhulume wathi akanaso isikhathi “sokuguga ebhekile”.

UMshoza uxoxisane neDrum lapho ebeyichazela khona ngemijovo namaphilisi awadlayo ukuze ahlale eyi-yellow bone futhi angaficwa ukuguga.

“Wonke umuntu wesifazane uyakuthanda ukuba muhle, futhi amadoda afuna abantu besifazane ababukekayo nabazinakekelayo,” esho.

OLUNYE UDABA :UMshoza uzame ukuzibulala

Uqhube ngokuthi amadoda kumele abe nemali bese kuthi abesifazane babe bahle.

Ebuzwa ukuthi ngabe ukhona yini ahlekisana naye kwazise usedivosile, uthe: “Yebo, ukhona. Akakuthandi ukuba semaphepheni ngakho nami ngeke ngenabe ngaye.”

UMshoza uthi uzolungisa ubuso ngo-R6 500. Lokhu kungaphezu kuka-R2 700 awukhipha njalo ngesonto uma eyojova ukuze ahlale empofu ngebala.

Lo mculi owaduma ngeculo elithi Kortez uthi ufuna ukufana nomlungu.

Uthi usazolungisa amabele, izitho nezinqe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Move!

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C Scattered showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 19-28°C High level clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Numerous showers. Cloudy. Mild. PE: 14-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...