UMashatile uhalalisele abeLayla Fourie

2013-02-20 16:25

Johannesburg - UNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko uPaul Mashatile, usehalalisele abadidiyeli befilimu iLayla Fourie, ethole indondo kumaBerlinale International Film Festival, eBerlin.

"INingizimu Afrika inezindaba eziningi ekumele zixoxelwe umhlaba wonke, siyabagqugquzela nabanye abaku lo mkhakha ukuthi baqhubeke babhale ngalezi zindaba,” kusho isitatimende sikaMashatile.

Ifilimu iLayla Fourie ididiyelwe ngumqondisi waseNingizimu Afrika kodwa ozinze eBerlin uPia Marais, yakhonjiswa eBerlinale International Film Festival, la enqobe khona indondo iJury Special Mention Award.

UMashatile uthi iNingizimu Afrika izoqhubeka nokweseka amaciko.

"Kumele kusetshenzwe kwakhiwe amathuba omsebenzi kuqiniswe namakhono embonini.”

Le filimu inabadlali abahlanganisa noTerry Norton, Rapulana Seiphemo kanye noRapule Hendricks, 9, nomdlali waseJalimane u-August Diehl.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 20-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-31°C Tstorms late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 13-25°C Tstorms late. Afternoon clouds. Mild. Bloem: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-27°C Morning clouds. Warm. PE: 18-25°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...