UMasekela uphika eyokuqasha ‘amaphoyisa ama-weave’

2015-09-10 17:34

Johannesburg – Inkakha kwezomculo, uHugh Masekela, usekuphikile ukuthi “waqasha amaphoyisa axosha abanezinwele zokufakelwa” ukuba bangasondeli kuyena.

UHugh udume kakhulu ngokungazwani nabantu besifazane abangenabo ubuhle bendalo.

Kuthiwa abanye babalandeli bakhe basala bebambe ongezansi ngempelasonto ngesikhathi enqaba ukuththa izithombe nabo ngoba benezinwele zokufakelwa.

La balandeli bathi uHugh waze waqasha onogada abathe xaxa ukuze bakwazi ukuvimbela aebesifazane abaxhumile ukuthi basondele kuyena.

OLUNYE UDABA: Intandokazi yomculo eYadini Lounge

Lokhu kuthiwa kwenzeka uHugh enandisa eYadini, eMlazi.

Umnikazi wale ndawo, uMjey Zama uthe: “UHugh wacela ukuthi kube nezigora ezizomvikela kulabo abafakele izinwele.”

UBra Hugh uyaziphika lezi zinsolo uthi zingamanga:” Njengomuntu onenhlangano efuna ukubuyisela isithunzi somuntu omnyama, ngiyanqaba vele ukuthatha izithombe nabantu abaxhumile ekhanda. Angivikelwa, ngyakwazi ukuzivikela.”

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C More sun than clouds. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...