UKhaya uzobhulela uMiguel amazolo
2013-01-23 10:03
Johannesburg - Wathatha izinhliziyo zabantu abaningi kuleli ngezwi lakhe elimtoti nelikhombisa ukuvuthwa ngesikhathi eba ngowokuqala omnyama ukunqoba ama-Idols ngo-2012, kubika iSowetan.
Manje uKhaya Mthethwa ubukeka eqhubeka nempumelelo njengoba ezobhulela umculi waseMelika, uMiguel, amazolo uma esehambele kuleli.
UMiguel, nowazalelwa eLos Angeles - nogama lakhe langempela kunguJontel Pimentel - ungumculi, umbhali wamaculo aphinde abe nguphrojusa, kanti wayengaphansi kweJive Records ngesikhathi ekhipha i-albhamu yakhe ethi All I Want Is You ngoNovemba 2010.
UMiguel uzonandisa eStandard Bank
Arena, eGoli, ngoMashi 1 kuya ku-2 bese edlulela eGrand West Casino and
Entertainment World eKapa ngoMashi 3.
"Sengike ngavulela abaculi baphesheya abenza umculo wokholo abafana no-Israel Houghton noKirk Franklin, kepha angikaze ngivulele abe-R&B," kusho uMthethwa, nobebhalwe injabulo ebusweni.
UMiguel udonse abalandeli abaningi ngeculo elithi Adorn.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24