UKhaya Mthethwa wethula i-albhamu

2012-11-23 14:03

Durban - Lowo owaba ngumuntu omnyama wokuqala ukunqoba umncintiswano wokuvundulula amakhono emculweni, ama-Idols, uKhaya Mthethwa, wethula i-albhamu yakhe ngokusemthethweni eMgungundlovu ngoLwesihlanu, kubika iNewswatch.

I-albhamu le isihloko sithi For You.

Lo mculi, 25, uzonandisela abathandi bakhe eRoyal Showgrounds, njengoba kungenwa mahhala.

Ubhulelwe amazolo abaculi abasafufusa kule ndima.

Lo mcimbi uhlelwe nguMnyango wezamaSiko nobuCiko KwaZulu-Natal, ukubonga uKhaya ngokundizisela igama lesifundazwe phezulu.

"Ngithanda ukubonga abalandeli bami abangazange badikibale ekungivoteleni nababone ithalente kimi," kusho le nsizwa enamahloni.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 2-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 0-15°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -4-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 5-23°C Sunny. Mild. PE: 5-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...