UKelly Khumalo kwenye edonsa amehlo

2012-11-12 08:08

Johannesburg - Umzwilili we-afro pop nowaphumela obala ngokuthi akasazithinti izidakamizwa, uKelly Khumalo, utholakale ehilizisana nabalandeli bakhe kucaca ukuthi ubukhile emcimbini wamaFeather Awards, eGoli ngoLwesithathu ebusuku.

UKhumalo, nowaduma ngeculo elithi Qinisela, udonse amehlo abantu ngesikhathi eyalela abesifazane ababili abathatha izithombe zakhe edakwe engakwazi nokuhamba ukuthi bazisuse emafonini abo.

Ozibonele, nokhulume neSunday World wangathanda ukuzidalula igama lakhe, uthe uKhumalo waya kulaba besifazane edidizela wakhwela wadilika kubona.

"Nicabanga ukuthi nenzani? Susani lezo zithombe njengamanje!" kuthiwa uKelly wamemeza kanje.

UKhumalo unengane nomculi owalahlwa yicala lokubulala uMolemo Jub Jub Maarohanye.

Ethintwa uKhumalo unqabile ukuphawula wathi akukhulunywe nemenenja yakhe uSarah Setlaelo.

USetlaelo uthe akukuhle ukuthi abantu behlulele uKelly, wathi uphuze weqisa ngalolu suku, nokho-ke lokho akusho ukuthi unenkinga yotshwala.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 20-33°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-27°C Morning clouds. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 14-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...