UJudith Sephuma uzokhipha eyokholo

2012-11-16 10:01

Johannesburg - Umzwilili uJudith Sephuma nodume kakhulu ngokukhetha ngokucophelela izingxoxo aba nazo nabezindaba uzokwenza uhlelo ngempilo yakhe nomyeni uSiphiwe Mhlambi, kubika iSowetan.

USephuma usanda kubuya eSwazini nalapho ebenandisa khona ngayizolo.

Ngesikhathi sihlangana naye, ubengatshengisi nakancane ukuthi ukhathele kanti-ke ubukeka enomzimba omuhle kwazise usanda kubeletha.

USephuma nowagogoda e-University of Cape Town ngeBA Honours in Jazz Performance uthi lo kube ngunyaka omuhle ngokomsebenzi kuyena.

"Sekuphele iminyaka eyishumi ngicula, kanti ngisuka kude," esho.

"Ngizimisele ngokukhipha i-albhamu yomculo wokholo ngenxa yokuthi vele lo mculo uyisisekelo sami. Yilapho engathola khona ukuthi ngiyakwazi ukucula. Lokho-ke akusho ukuthi sengiyayilaxaza i-jazz," ephetha.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C High level clouds. Cool. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 9-22°C Broken clouds. Mild. PE: 12-16°C Showers early. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...