UJanet Jackson uthenjiswe umshado

2012-12-28 10:00

New York - UJanet Jackson kubikwa ukuthi uthembisene umshado nesoka lakhe eliyisiqumama uWissam Al Mana kanti kulindeleke ukuthi bashade ngonyaka ozayo.

Lo mculi, 46, uvumile ukushada isoka lakhe uWissam ngenyanga eyedlule kanti kuthiwa lezi zithandani azisakwazi nokulinda ukuthi zishade emcimbini ekuthiwa uzodla izigidi eQatar ngonyaka ozayo.

Ngokombiko we-Us Weekly, uWissam, 37, unikeze uJanet "indandatho enkulu nemba eqolo" kodwa akayigqoki ngoba esaba ukuthi izolahleka.

UWissam kuthiwa ufuna ukuwukhokhela yena wonke umshado.

UJanet usethandane noWissam iminyaka emibili, kanti bazimisele ngokuqala umndeni.

UJanet useke washada kabili, nomculi weR&B uJames DeBarge nomqondisi wama-video omculo uRene Elizondo.

Ngaphambi kukaWissam, ubesethandane noJermaine Dupri iminyaka eyisikhombisa.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- BangShowBiz

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 20-33°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...