UGaga ufuna i-albhamu entsha ibe ulozolo lweminyaka

2011-02-10 12:09

New York - Yize kusengunyaka ka-2011 kodwa umculi uLady Gaga ufuna i-albhamu yakhe entsha esihloko sithi Born This Way ibe ngehambe phambili eminyakeni eyishumi.

Lo mculi utshele iphephabhuku iVogue likaMashi ukuthi abalandeli bakhe bafanelwe ukuthola into ecokeme. Uthi akafundi ukuqopha into 'kawonkewonke.'

Icwecwe elisha legama elifana nele-albhamu lichaza ngokuzigqaja kwabantu besilisa abathandana bodwa, nathi lo mculi walibhala emizuzwini engu-10 nje vo.
Ngaphambilini kuleli sonto, uLady Gaga ubhale kuTwitter ukuthi leli culo lizozwakala okokuqala emsakazweni waseMelika ngoLwesihlanu.

ULady Gaga waqokelwa izindondo eziyisithupha emcimbini wamaGrammy Awards ngeSonto.

I-albhamu iBorn This Way izotholakala ngoMeyi ezitolo.

- Sapa - AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Sunny. Mild. Pta: 19-31°C Tstorms late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 16-25°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 14-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-21°C Scattered showers. Decreasing cloudiness. Cool. PE: 15-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...