UDJ Zinhle uzishutheke esithombeni sikaHugh nezinywele zokufakelwa

2015-11-03 11:32

Johannesburg - Inkakha kwezomculo uHugh Masekela isikucacise bha ngokungafuni ukuthatha izithombe nabesimame abafakele izinywele emakhanda.

Le nkakha ayithi nsi ngalolu daba kangangokuthi sekwake kwabikwa nokuthi isiyaqinisa ezokuphepha ukuze bangasondeli eduze kwakhe abesifazane abanezinywe ezifakelwe emakhanda.

OLUNYE UDABA: UMasekela uphika eyokuqasha amaphoyisa ama-weave

Yize esegxekiwe ngalokhu yena umile kwelokuthi akafuni ukuthatha izithombe nabesifazane abafakele izinywele emakhanda, ethi balulaza amagugu abo.

Kukho konke lokhu osekukhulunywe ngubabu Hugh akuzange kuze kumnqande u-DJ Zinhle ekuthatheni isithombe naye.

UDJ Zinhle wenze isiqiniseko sokuithi uyavela kulesi sithombe ngesikhathi u-Oskido ethatha iSelfie nale nkakha yezomculo.

Uma ubuka isithombe..., iso likaHugh likhuluma enkulu indaba...

ISITHOMBE:

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Purple calabash

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...