UDJ Zinhle ngeke axolise kuBonang

2015-09-15 13:31

Johannesburg - Ithimba elisebenzisana noDJ Zinhle selikuqinisekisile ukuthi lo DJ ongunina wengane wesihlabani seHip Hop u-AKA akazimisele ngokuxolisa kuBonang kuze kube kulandelwa imigudu efanele.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngoMsombuluko kusabalale imibiko ethi uBonang uhlela ukufaka uZinhle enkantolo ngokumsola ngokuthandana noyise wengane yakhe u-AKA.

Ngokubika kweDrum uZinhle enkundleni yakhe yokuxhumana iTwitter ubhale uhlu lwezingoma ebezikhuluma ngokuxolisa.

OLUNYE UDABA: Uxoshiwe umsakazi obegula

Imanenja kaZinhle uNomndeni Makhi ukhiphe isitatimende ebesiqinisekisa ukuthi nebala uZinhle uyitholile incwadi ebiqhamuka kummeli kaBonang.

Kule ncwadi kubikwa ukuthi uZinhle makahlukane nokushicilela okuthimeza inhlalonhle kaBonang futhi axolise ngenkulumo yakhe eyacashinwa yiSunday World.

"UDJ Zinhle uhlanganile nabaphathi bakhe nabameli abamxwayise ngokuthi angabe esathi vu ngalolu daba ezinkundleni zokuxhumana noma emphakathini ngaphandle uma egunyazwe ummeli wakhe," kusho isitatimende. 

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

     - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...