UChris Brown ufuna ukusula amakhonsathi akhe

2015-01-15 16:00

Los Angeles - Kubikwa ukuthi umculi waphesheya uChris Brown akasafuni ukuqhubeka namakhonsathi abewahlelile emakilabhini ngemuva kokuba kudutshulwe abalandeli bakhe abahlanu eSan Jose, eCalifornia.

Lo mculi oneminyka engu-25 ubudala kuthiwa usetshele umphathi wakhe ukuba asule wonke amakhonsathi abehleliwe emakilabhini ngoba ucabanga ukuthi "kuwubulokishi kakhulu" ngemuva kokudutshulwa kwabalandeli ngesikhathi kuqhubeka ikhonsathi yakhe.

OLUNYE UDABA: Kuqhume izibhamu embimbini kaChris Brown - Ivideo

Umthombo uthe lesi sihlabani seculo iLoyal sabiza umhlangano ophuthumayo ngemuva kokudubula okwenzekile sacela ukuba wonke amakhonsathi abehleliwe avalwe ngenxa yenkinga yezimo zokuphepha ezingaqinile.

Lo mthombo utshele abe-TMZ.com ukuthi uChris Brown akafuni ukubandakanywa nalezi zigameko kanti ukhathazekile ngokuthi zizodicilela igama lakhe phansi, kubika abeSowetan Live.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...