'UChris Brown akaze ahlukane noKarreuche'

2012-12-21 14:36

New York - UChris Brown akamalanga uKarreuche Tran, ngokusho kukamngani kaTran, uChristina Milian, othe lona ubelokhu eyintombi yakhe yalo mculi.

Umngani  wakhe omkhulu uMilian, 31, uthi uKarrueche ubelokhu eyintombi kaChris nakuba uChris phambilini wamemezela ukuthi bahlukene ngo-Okthoba.

Uma ebuzwa ngobudlelwano bomngani wakhe oneminyaka engu-23 ubudala, ohlelweni iThe Wendy Williams ngoLwesihlanu, uthe: “yazini, engikwaziyo ukuthi  basathandana.”

"Yilokho nje. Ngikubona konke okushiwo ngabezindaba. Angiyinaki imininingwane yakho, kodwa ngicabanga ukuthi wonke umuntu uphila impilo yakhe ngendlela athanda ngayo. Ngicabanga ukuthi bayafanelana.”

UChris wakhipha isitatimende ngo-Okthoba odlule, evuma ukuthi bahlukene noKarrueche, isizathu wathi ufuna ukugxila ekulungiseni 'ubungani' bakhe noRihanna.

URihanna muva nje usanda kukuqinisekisa ukuthi usehlukene noChris, ngemuva kwezinyanga nje bebuyelene.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- BangShowBiz

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ukhihle isililo uKanye West

2015-02-27 16:00
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-27°C Sunny. Mild. Pta: 16-28°C Passing showers. More clouds than sun. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Passing showers. Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-27°C Isolated tstorms. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-25°C a few showers. Mostly cloudy. Mild. PE: 19-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...