UChomee ukhiphe iculo leBafana
2013-01-25 16:12
Cape Town - Umculi wakuleli uChomee, usekhiphe iculo elisha kanye ne-video yokweseka iqembu lesizwe iBafana Bafana, njengoba isemqhudlwaneni we-Africa Cup of Nations, kusho umbiko weSowetan Live.
Igama leculo yiScore Dem Goals, kanti ulicula ngokuhlanganyela nomafikizolo onguKopano Mafokate.
I-video iqale ukubobakala ngoLwesithathu, ngaphambi komdlalo weBafana ne-Angola, negcine iwunqoba ngo 2-0.
Kusukela isatshalalisiwe le-video, isibe nababukeli abangaphezu kuka-500, futhi iculo selike lazwakala emisakazweni eminingi kuleli.
UChomee uthi leli culo yiyona ndlela akhombisa ngayo ukweseka iqembu lesizwe.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Channel24