UBonang uthokozela ukuphuma ebhukwini iForbes

2013-01-04 11:01

Johannesburg - Usaziwayo ongumethuli wezinhlelo zikamabonakude nezomsakazo uBonang Matheba, uhleka yedwa njengoba engene ohlwini lwabangu-13 abaqavile ephephabhukwini iForbes.

UMatheba usethembise ngokusebenza kanzima ngenxoso yokuduma umhlaba wonke, kubika iSowetan.

Ohlwini lwabangu-13, uDJ Sbu, Trevor Noah noMatheba yibona kuphela abaseNingizimu Afrika abakwazile ukungena kuloluhlu.

Abanye osaziwayo abafakiwe, kube nguSerge Ibaka, ongumdlali we-basketball waseCongo odlala ngaphansi kwe-American National Basketball Association, uJulius Onah, ongumbhali wamafilimi waseNigeria, kanye no-Ajak Deng ongunobuhle waseSudan.

"Ngiyajabula ngokuba sohlwini lwe-Forbes," kusho uBonang ngoLwesine.

“Angikaze ngicabange ukuthi ngiyongena kuloluhlu futhi ngibe ngowokuqala waseNingizimu Afrika wesifazane ukuba kulo nabantu abafana noTrevor Noah noDJ Sbu.

"Ukuba kuloluhlu kuyisiqalo esihla sonyaka omusha. Ubani owaziyo ukuthi kusazolandelani?”




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 1-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Mild. PE: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...