UBonang ubopha u-Euphonik
2012-06-04 09:30
Johannesburg - Umathand'izinto wakuleli uBonang Matheba kuthiwa ushaywe kanzima yisoka lakhe elinguDJ u-Euphonik, ekuthiwa kumanje umvulele icala lokuhlukumeza, kusho imibiko yeSunday World.
Imibiko ithi kumanje uMatheba uthole incwadi evimbeka u-Euphonik, ogama lakhe langempela nguThemba Nkosi, ukuthi asondele eduze naye.
Kuthiwa lezi zithandani ziphila ngokuxabana kanti u-Euphonik usevamile ukuhlukumeza uMatheba.
UMatheba kuthiwa uphelezelwe ngummeli wakhe uBongani Khoza, ngesikhathi eyovula icala.
"Ngingaqinisekisa ukuthi uMatheba usecele inkantolo ukuthi imsize. Kumanje udaba lokuhlukunyezwa kwakhe lusezithebeni zenkantolo," kusho uKhoza.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- News24