UBonang ubonga ithuba
2012-12-07 10:01
Johannesburg - Cishe akukapheli nenyanga uBonang Matheba axoshwa ehlolweni okwakumele alushayele, kodwa manje usejoyine uhlelo oluhamba phambili iTop Billing kuSABC3.
UMatheba ubelokhu ekuveza kancane enkundleni yezokuxhumana uTwitter ukuthi kunesimemezolo esikhuli azosenza, kubika iSowetan.
Umdidiyeli ophezulu weTop Billing uPatience Stevens uthi: "iTop Billing ingolunye lwezinhlelo ezihamba phambili eNingizimu Afrika njengoba inabalandeli abaningi enkundleni yezokuxhumana iTwitter.
"UMatheba uzofika nokuhle, uthando lwemfashini, ubuhle, ezokuvakasha kanye nabalandeli bakhe abangabantu abasha. Abalandeli bakhe ku-Twitter nabo bazolulandela lolu hlelo," kusho uStevens.
Abalandeli baMatheba bangalindela lukhulu kuyena njengomethuli wohlelo nokuthi wenza kanjani ekwethuleni uhlelo kubabukeli abakhulile
UBonang uzobonakala ngoLwesibili, Disemba 11 kulolu hlelo ngo-20:00.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24