UBoity uzongena esikhaleni sikaNonhle kwelomculo

2015-02-24 11:25

Johannesburg – Lizokwethulwa nguBoitumelo ‘Boity’ Thulo uhlelo lomculo olusanda kulahlekelwa ngabethuli balo iClub 808 uMo Flava noNonhle Thema.

Ngokubika kweSunday World uThema uyiqinisekisile imibiko yokuthi uyalushiya lolu hlelo lapho eveze ukuthi usekhulile ukuthi angaqhubeka nokwethula lolu hlelo olukhonjoswa ngoLwesihlanu kwi-etv.

OLUNYE UDABA: Uyashiya umethuli wohlelo lomculo kumabonakude

Phambilini uThema wazwakalisa ukuthi ushiya ngoba efuna ukuthuthuka kulo mkhakha njengoba esegxile kakhulu kwezokulingisa kanti unesifiso sokuba nohlelo lwakhe.

UBoity oneminyaka engu-24 ubudala ungomunye wosaziwayo abangenisile kulo mkhakha njengoba elingisa emdlalweni wodumo kuMzansi Magic iRockville.

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Mild. Bloem: -4-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...