U-Uyanda ulaxaze uMalema
2011-03-29 13:13
Johannesburg - Unontandakubukwa u-Uyanda Mbuli uhoxile ohlelweni lwantambama kuMetro FM olulindwe ngamehlo abomvu lapho ebezobe ethula izinhlelo noJulius Malema.
UMbuli noMalema bekuhlelwe ukuthi bazoba ngosaziwayo abazovakasha kulolu hlelo kusasa, kodwa uMbuli usephakamise ukuthi ngeke asaphumelela.
Ubengomunye wosaziwayo abaqokelwe ukuthi bashayele izinhlelo kuleli sonto njengoba lesi siteshi sishintsha izinhlelo ngoLwesihlanu.
Lolu hlelo belushayelwa u-Unathi Msengana no Glen Lewis, nabasebeshintshelwe ohlelweni lwasekuseni kusukela ngo-Ephreli 1.
"Bekuzoba mnandi ukwenza uhlelo noJulius. Ngiyazi uzokwenza umsebenzi omuhle," kusho uMbuli.