U-Uyanda Mbuli usephinde 'wavuka'

2013-01-14 12:07

Johannesburg - Ngemuva kokuphukelwa yinhliziyo ehlukanisa nomyeni wakhe, behambisana izinkantolo kubikwa ngodlame lwasekhaya phakathi kwabo nokunye okubuhlungu, u-Uyanda Mbuli kubukeka sengathi usexolise inhliziyo waphinde wathola uthando olusha.

Lo somabhizinisi owake waba nguMrs South Afrika, usezinhlelweni zokwehlukanisa nomnyeni wakhe weminyaka eyishumi uSisa Mbuli, ukwehlukana kwakhe kwabikwa ngakho mhlampe kuwo wonke amaphephandaba.

Kamuva uMbuli ubonakale epepenyeka nePhini likaNgqongqoshe woMnyango wezokuVikela uThabang Makwetla, waphinde wabonakala ehamba ngonyanyavu lwemoto yakhe.

Abazinquma amakhanda bazishiye kanjalo bathi uMbuli akanaso isikhathi sokufihla ubudlelwano bakhe obusha, kuthiwa uhambela ngisho imicimbi yemindeni yakwaMakwetla.

Kuthiwa laba kade baqala ukwazana njengoba ngo-2009, ngesikhathi uMbuli ethula ngokusemthethweni inkampani yakhe iDiamond face Couture, uMakwetla wabe eyisimenywa esiphezulu.

Noma indaba ivuthwa, bobabili laba abakaphumeli obala ngokuthandana kwabo.



 - Thola lolu daba luphelele kuDrum

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Drum

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Abe-BCCSA sebehlawulise iJacaranda FM

Emizuzwini eyi-22 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-18°C High level clouds. Mild. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 1-20°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 9-22°C Sunny. Mild. PE: 12-19°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...