U-Usher waphinga - Umbiko
2012-05-24 12:04
Los Angeles - Umculi obhekene nempi yokufuna ilungelo
lokuhlala nezingane zakhe ezimbili, ezineminyaka emine nemithathu ubudala,
usolwa ngokuphinga.
Lo mculi oneminyaka engu-33 ubudala ubuzwe
ngokulala kwakhe nomunye wesifazane ngesikhathi esashade noTameka Foster,
ngesikhathi evele eFulton County Court eAtlanta kulesi sonto.
Lesi sihlabani – ogama laso lingu-Usher
Terry Raymond IV – silwela ukuba nelungelo lokuhlala nezingane zaso ezimbili
okungo-Usher Raymond V, 4, noNaviyd Ely Raymond, 3.
Ummeli wakhe ungenelelile wanqaba ukuba
abuzwe ngodaba lukaMaya Fox Davis owayegada izingane, futhi owayenesandla sokonakala
komshado wakhe.
Ngokwe-TMZ, ubuziwe ukuthi wawuyeka yini
umsebenzi wakhe “ ngoba babanjwa nisembhedeni naye”.
Icala kudingekeke ukuba lihlehle, kanti lizobuyela
enkantolo ngoJulayi.
U-Usher uvele wakhihla esikanandi
ngemuva kokuba kuthiwe wayengubaba ongesona isibonelo esihle ezinganeni
zakhe.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24