U-Oskido uzobopha elikasofasilahlane
2012-12-03 10:03
Johannesbdurg - Umculi, nophinde asebenze ngokuklwebha amapuleti noyisikhulu seKalawa Jazzmee, u-Oscar "Oskido" Mdlongwa, uthi usekulungele manje ukuba yindoda yomndeni.
U-Oskido uthi akaboni ukuthi kungani kumele alinde ekutheni ashade ingoduso yakhe yeminyaka, uKibi, kulandisa iSunday World.
Banengane bobabili.
Bake bahlukana isikhathi eside ngesikhathi u-Oskido ethandana nomculi uChristina "Tina" Fezile.
"Angizisoli ngamaphutha engawenza empilweni yami, ngoba angifundise lukhulu. Konke esidlula kukho kwenzelwa ukusicija," esho.
U-Oskido uzobe esema okwesibili phambi kukamfundisi enza izifugo, njengoba wake washada noSanah ngaphambilini.
Bahlukanisa ngo-2005.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24