U-Eastwood noBeyonce ezingxoxweni zefilimu
2011-01-21 14:14
Los Angeles - UClint Eastwood kanye noBeyonce bangase babonakale ndawonye efilimini ezoguqulwa yenziwe eyomculo i-A Star Is Born.
IWarner Brothers iqinisekisile ukuthi laba bobabili basizinhlelweni zokuphinde benze lefilimu yango-1937.
U-Eastwood uzobe engumqondisi, kuthi uBeyonce, nosehalele isikhathi eside ukwenza lefilimu, abe ngumlingisi ohamba phambili.
Okulindeleke ukuthi babe yingxenye yalomsebenzi uBilly Gerber, Basil Iwanyk kanye noJon Peters, abenza lefilimu ngo-1976 noBarbra Streisand kanye noKris Kristofferson.
Okhulumela lenkampani uJessica Zacholl uthi akukathathwa zinqumo njengoba kusaqhubeka izingxoxo.
- AP