U-Aretha uvikele uBeyonce

2013-01-24 10:01

Los Angeles - Inkakha yomculi u-Aretha Franklin usevikele labo abagxeka uBeyonce ngokunyakazisa umlomo kuphela ebe erekhodile ngesikhathi ecula emcimbini kaBarack Obama.

U-Aretha uthi uyakuqonda lokhu okwenziwe uBeyonce, 31, futhi "akumangazi" ukuthi aqophe iThe Star Spangled Banner nayicule kusanda kugcotshwa umengameli eWashington DC, ngoba uthi bekubanda kakhulu ukuthi ubengacula bukhoma.

Lo mculi, 70, utshele i-ABC News: "Ngicabanga ukuthi kuyahlekisa ngoba bekubanda kakhulu kanti kuyaziwa ukuthi akusona isimo sezulu esihle kubaculi. Wenze umsebenzi omuhle kakhulu ngokuqopha leli culo nami ngicabanga ukukwenza ngesikhathi esizayo."

U-Aretha uthi wazinqumela yena ukuthi uzocula bukhoma emcimbini ofanayo ngo-2009.

"Ngicabanga ukuthi umculi nguye okumele azikhethele. Mina ngangifuna yonke into ibe bukhoma."

Uthe abantu abehlise amaphaphu ngoba vele uBeyonce uyakwazi ukucula, ngakho leyo akuyona inkinga.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- BangShowBiz

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Mild. Pta: 4-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-14°C Sunny. Cool. Bloem: 1-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-26°C Sunny. Mild. PE: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...