Sithokoze kakhulu - Inkosana uWilliam

2013-07-23 12:01

Los Angeles - INkosana yaseBrithani uWilliam nendlovukazi yaseDutch uCatherine bajabule bayanconcoza ngokuzalwa komntwana wabo wokuqala.

Inkosana iphumele obala okokuqala ngokuzalelwa inkosana yayo, ezalwe ngezithuba zawo-16:24 ngoMsombuluko.

Inkosana ikhulume kafushane yathi: "Sithokoze kakhulu."

Inkosana ezelwe izokuba ngeyesithathu ekubuseni, ngemuva kukababa wayo nomkhulu wayo iNkosana uCharles, "umntomusha" uzalwe eshaya isikali esingu-8lbs, 6oz (3.75kg), uzalelwe esibhedlela iLindo Wing eSt Mary's Hospital, ePaddington, eLondon.

Inkosana yazise umndeni kuqala, yatshela ubaba wayo nogogo iNdlovukazi u-Elizabeth kanjalo nomfowabo iNkosana uHarry, ngaphambi kokuthi indaba itshelwe umphakathi.

Ziqhamuka ngapha nangapha izilokotho.

UNdunakulu waseBrithani uDavid Cameron uthe: "Kunezindaba ezinhle ezivela esibhedlela eSt Mary's, ePaddington. Ngiyacabanga bonke abantu beze nomakhelwane bazojabula kanye nathi ngokuzalwa kwenkosana, sifisela abazali inhlanhla."



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- BangShowBiz

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-30°C High level clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...